Amaqembu ezom’busazwe kanye nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika bezilindele ngamehlo
abomvu ukumenyezelwa kosuku lokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe.
UMongameli usehlale phansi wabonisana nenhlangano yezokhetho ezimele yakuleli i-IEC
njengoba isigaba 17(2) soMthetho Wezokhetho 73 ku1998 sikubeka kube yisidingo ukwenza
njalo. Uphinde wabiza umhlangano nondunankulu bezifundazwe kanye nayo i-IEC ngomumo
wezwe ekulungeleni ukusingatha ukhetho. Emva kwazo zonke lezi zigaba, uMongameli
usememezele umhla zingama29 kuNhlaba kuwo lonyaka njengosuku lokhetho lukazwelonke
kanye nolwezifundazwe.
Ukhetho luka2024 luqondana nokubungazwa kweminyaka angama30 iNingizimu Afrika yazuza
inkululeko kanye nokuqala kombuso wentando yabantu. Ngalokho-ke uMongameli unxenxe
bonke asebesesigabeni sokuvota ukuba babhalise futhi baye kovota njengoba lolu khetho
kungolubaluleke kakhulu emlandweni wezombuso wentando yeningi kuleli
Amaqembu ezom’busazwe ngeke akuthole ukuphumula luyoze lushaye usuku olukhulu;
nakuba-ke kungeke kube lula kuwo ukukhankasa njengoba iningi labantu bakuleli
selilahlekelwe ithemba emaqenjini ezom’busazwe kanye nohlelo lonke nje lwezokhetho.
Kusobala ukuthi bonke abantu bamanzoznwane ngokuthi iyiphi inhlangano eyodla
umhlanganiso. Kungabe kusazoqhubeka kuqhoqhobale uKhongolose esihlalweni noma
uzodliselwa ogageni ongaconsi phansi Umkhonto Wesizwe. Mhlawumbe ne-EFF noma i-DA
basangazitholela isihlalo sokwengamela izwe njengoba iningi selikhombisa ukungayeseki
kahle i-ANC ngenxa yenkohlakalo esabalele kwezokuphathwa kwezwe ngaphansi kobuholi
bayo.
Okungaphawuleka ngokucishe kuqinisekiswe ukuthi uKhongolose angase abonakale esuk’
esicongweni. Lokhu kungenza iNingizimu Afrika ibone um’buso wokuqala owengamelwe
ngokubambisana ngamaqembu ahlukahlukene, phecelezi i-coalition government. Konke lokhu
kuveza ngokusobala ukuthi lolu khetho luzoba yingqophamlando. Kazi iyozala nkomoni!